abeHluleli

Ngaphambi kokuthi abakwaIzrayeli bavumelana ngokuzibekela ozobayinkosi, ababuse, babezakhele, beziphethe, beyimindeni ezibusayo kwelaseKhenani abase bakhé kulo. Abaholi ezinkundleni zokuthetha amacala nezokuboshwa kwezivumelwano nezokushaya imithetho, abeHluleli, okuxoxwa ngabo kule ncwadi, babenesithunzi, behlonishwa baziswa emindenini nasezifundazweni zonkana. Babehlukene kabili: Kwakukhona „abeHluleli abancane“ ababebhekana … qhubeka

uJoshwa

Le ncwadi yanikwa igama lalo mlisa okuthiwa walandela uMosi ekubeni ngumholi wabakwaIzrayeli ekungeneni kwabo kwelaseKhenani, „kwelesethembiso“, ixoxa ngokuhlwithwa kwezwe kuthiwa kwenziwa njengokwentando nangokwesiphiwo soPhezukonke, lihlwithwa ngezikhwepha nangobuqili. Engxoxweni ekule ncwadi uJoshwa lithathwa-nje lula izwe ngaphandle kobunzima nokuthikaziseka-nje sampela; okungenjalo engxoxweni … qhubeka

uDutheronoma

Le ncwadi ibizwa ngokuthi ngu-„Dutheronom“, okungukungi „umthetho wesibili“ [ngolwesiLathini, deuteronimium ]; iqukethe imithetho iningi layo eselethulwa okwesibili emva kokuba laselethulwé encwadini uEksodusi – njengemiYalelo eliShumi esahlukweni sesihlanu.  Laphaya nalaphaya kwenezezelwe kwaguqulwa kweminingi yale mithetho eyethulwa lapha okwesibili. Sekuyimithetho esiqondene nezikhathi … qhubeka

uNumeri

Le ncwadi ibizwa ngokuthi ngu-„Numeri“, okunguthi iphathelene nezibalo [ngolwesiLathini: numerus | numeri ].  Kule ncwadi kubikwa kuze kuphindwe kabili ngokubalwa kwabesizwe sakwaIzrayeli nangemiphumela yakho: okokuqala ngaphambi kokusuka kwabo entabeni yaseSinayi (ezahlukweni ezine zokuqala); okwesibili ngaphambi kokungena kwelaseKhenani (esahlukweni samashumi amabili … qhubeka

uLevithikhusi

Le ncwadi inegama elithi „Levithikhusi“ ngoba iphathelene ikakhulukazi nezimfanelo okufanele zigcinwe ngabaqhubi nabaholi kwezemikhuleko nezezinkonzo, okwakulubizo olwaluqondene nabaphristi kwabenzalo yakwaLevi. Ngaphezu kwemiyalelo ngenqubo ekwethulweni kweminikelo nangemininingwane yonke enkonzweni yobuphristi, kwakunemiyalelo nemithetho okwakufanele yaziwe igcinwe emphakathini, ukuze isizwe sihlale sicandulekile, singenasici, … qhubeka

uEksodusi

Le ncwadi ibizwa ngokuthi inguEksokusi, okungukuthi „ukuPhuma/ukuGoduka“, ngoba ixoxa ngokuphunyuka kwabakwaIzrayeli, ukuphuma kwabo kwelaseGibhithe ababekade begqilazwé behlushwa kulo kusukela kokhokho babo. Ukusinda kwabakwaIzrayeli ekubalekeni kwabo bejahwa ngamabutho abaseGibhithe beze bewelela ngaphesheya kolwandle emva kokuba bedlubulundele, babushiya phansi ubugqili, kwaziswa njengesenzo … qhubeka

uGenesisi

Le ncwadi, uGenesisi, okungukuthi „iNdabuko/isiSusa“, ixoxa ngendabuko ngokuphindwé kabili – indabuko yomhlaba, indabuko yesizwe sakwaIzrayeli. Kokubili – umhlaba nesizwe – kuvela kumdali, kungumphumela womsebenzi wezandla zakhe uMdali, oPhezukonke. Phakathi kwengxoxo ngokudalwa komhlaba nengxoxo ngokudabuka kwesizwe sakwaIzrayeli kunomlando ozama ukucacisa ukuthi … qhubeka

iNdabuko yoMhlaba nesiSuka soMlando weSizwe samaJuda

AmaJuda lezi zincwadi ezinhlanu ezihlelwé zaba sekuqaleni kwebhaybheli – uGenesisi kuya kuDutheronomi – azibiza ngokuthi uMthetho, okuthiwa ngesiHebheru yi-„Thora“. Zaziwa futhi ngolwimi lwesiGrikhi ngokuthi ziyi-„Pentateuch“, okungukuthi ngumqulu oqukethe izincwadi ezinhlanu, nguNcwadi-nhlanu. iMpilo noMlando UNcwadi-nhlanu uqukethe izilayelo nemithetho isizwe soPhezukonke okufanele … qhubeka

uMosi nokuphela kwesikhathi sakhe

                      uMosi nokuphela kwesikhathi sakhe uDutheronomi 31 no 34 Ekugcineni kohambo ehlane uMosi usemi nesizwe sakwaIzrayeli maduzane-nje nasemabaleni ezwe lesethembiso; kodwa-ke naye kuthiwa akaseyukufinyelela khona ngenxa yokungabaza okuthile ake abanakho esikhathini esiphambili. Usesidonsisisa ngendlebe okokugcina isizwe ukuthi simlalele, simazise uNkulunkulu. … qhubeka

UHLU LWAMAGAMA ASEBHAYBHELINI

U H L U LWAMAGAMA       NAMABIZO ASEBHAYBHELINI NGESIZULU ngokwelamana kwawo (A – Z) – ESUKA KOLWESIHEBHERU  NOLWESIGRIKI EDLULA KOLWESIJALIMANE KULANDELWA ISIVUMELWANO SASELOCCUM –   l u s a q h u t s h w a    – Izinqamulelo esizisebenzisayo: x          = … qhubeka