uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema

 uJesu nezinyembezi, elilela umuzi waseJerusalema –  incwadi kaLuka, isahluko seshumi nesishiyagalolunye [Lk 19, 41-44]  – 41 Kwathi esesondele, ewubona umuzi, wawukhalela,   42 ethi: “Yek’ ukuba ukwazile namuhla ukukuqonda lokho okungakulethela ukuthula! Kukusithekezelwe nokho, awukuboni! 43 “Kuyofika izikhathi lapho izitha zakho … qhubeka

Unyawo alunampumulo

 uGenesisi 42 1-2 Kuthé uma noJakobe kwelaseKhenani ezwa ukuthi balambé nje, ikhona impuphu namabele kwelaseGibhithe, waphendukela emadodaneni akhe ewagqugqumezela ethi: “Nalokhu nisakazé imibombo nje nina lapha, nilindeni? Anizwa yini ukuthi eGibhithe kukhona amabele, sivinjezelwe yisomiso nje thina lapha?  Phuthumani niyosithengela … qhubeka

BHANJEKHU: Bhala njengoba ukhuluma

Nanka amaphuzu amane asemqoka uma kuboniswana ngezindlela okungabukezwa ngazo umbhalo: 1 inkulumo indala kunombhalo 2 ingxoxo nenkondlo kakufani 3 izimpawu zephimbo ziyasiza 4 injobo ithungelwa ebandla „Bhala njengoba ukhuluma“ (= „Bhanjekhu“) Siyayithintitha incwadi kuqathake konke okuyizinhlamvana okuhlale kuhlale kudide uma … qhubeka

IBhayibheli nemikhosi namadili alo

Imikhosi namadili akathathu: 1. Kunemikhosi namadili ahambisana nezikhathi zonyaka kanye nezenzakalo nemisebenzi yanyaka yonke – njengokuvuna, ukugunda izimvu, ukuhlakula. 2. Eminye imikhosi namadili iphathisene nezahlakalo empilweni yomndeni – ukukhunyulwa kwengane ebeleni, ukuqomisa, ukugodusa, isililo. 3. Kanti ke eminye ihambisana nezigigaba ezikhunjulwayo … qhubeka

Njengenhlwathi nenyamazane

Le ndlela esisebenza ngayo uma sihumusha izingxoxo nemizekeliso siyisusa ezincwadini zayo zendabuko siyifaka olwimini lwakithi, siyibiza ngokuthi „yifemu“, okuyisifinyezo sebizo lesilungu elithi functional equivalent method (fem). Le ndlela sazebolekela yona kwabanye abahumushi bamabhaybheli baphesheya nakwamanye amazwe eAfrika asebesebenzé kade, bakhipha … qhubeka

Umlando kaIzrayeli

 Kusukela encwadini „uJoshwa“ kuze kuyoshaya encwadini „uEsta“ kukhulunywa ngomlando kaIzrayeli engena eKhenani, kuye esikhathini sabeHluleli nasesikhathini samaKhosi, kuye ekudingisweni nasekubuyeni kwelaseBhabhiloni. Leso yisikhathi esingamakhulu ayisishiyagalombili (800) eminyaka, kusukela eminyakeni yenkulungwane namakhulu amathathu kuhlehla kuya kweyamakhulu amahlanu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, okungaphambi kwenkathi … qhubeka

Qagela !

Zihlolahlole-nje uzivivinye ngolwazi kwezeNkolo Uhlelo lweViyo leziKhuthali oBanjiswaneni lokuHumusha nokuBhala kabusha iBhaybheli ngesiZulu (biblia zuluensis)  >> https://www.biblia-zuluensis.de/            31.07.2010 Imibuzo:  1. Bafa ngasizathu sini oHananiya noSafira? A. Yiphika B. Uphuzo C. Yigciwane D. Ukukhwabanisa 2. Ngubani kokuxoxwa ngaye kwezeNkolo owayefuna … qhubeka

Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini

Agcina ekhululekile amaIzrayeli ebugqilini uEksodusi 11 no 12  (Ngenxa yokwenqaba kukaFaro ukudedela abakwaIzrayeli bakhululeke, uNkulunkulu wasijokojela isizwe saseGibhithe, wasehlisela ubunzima nokuhlupheka iziwombe zilandelana eduze: Amanzi aphenduka igazi, bahlaselwa yimikhuhlane nayisikhonyane namaselesele, izulu labhoka ngesichotho, kwahlwa emini umnyama wabopha phezulu. Kuthé … qhubeka

Yasihlenga isizwe sayo iNkosi olakeni lwabaseGibhithe –

Yasihlenga isizwe sayo iNkosi olakeni lwabaseGibhithe – yasiweza ngelibanzi uEksodusi 14 (Emlandweni wesizwe sakubo, abakwaIzrayeli basazisa kakhulu isenzo sikaNkulunkulu wabo sokubahlenga olakeni lwabaseGibhithe, abaweze ngelibanzi, baphephe nasekuweleni kwabo ulwandle bebaleka. Yingakho nje ke isematheni lendaba kubo kuze kube namhla lokhu; … qhubeka

UMbusi wondla isizwe sakhe ehlane

UMbusi wondla isizwe sakhe ehlane uEksodusi 16 (Nasekuqhubekeni kwendlela, uNkulunkulu lokhu ehamba naso izizwe sakhe. Ubusuku nemini uyasihola, siyamlandela – njengefu emini nanjengensika yomlilo ebusuku.  Ngisho nasehlane uyasondla; ethi ekwenza konke lokho, abe esivivinya ekukholweni nasekumlaleleni kwaso).  Kuthé kusuka, sasesibaphendukela … qhubeka