uEsta
06.11.2014
Incwadi uEsta ibika ngesimo esibucayi abaphila kuso abakwaJuda okwathi ekubuyeni kwabo ekudingisweni kwelaseBhabhiloni bahlala ngabodwana phakathi komakhelwane bezizwe. Umoya wegqubu elotshwé ngayo le ncwadi usuka esimweni sokuhlushwa nokucindezelwa abenkolo yobuJuda kwasemandulo – nasemlandweni wabo wonkana – ababephindaphinda bezabalaza kuso. Inhloso yale ncwadi ukubafaka umdlandla abakwaJuda nokuchaza ukuthi wasunguleka kanjani umkhosi wephurimi.
UMjudakazi uEsta uba ngumbusikazi (ezahlukweni 1 – 2)
Isu likaHamani owayebazonda abakwaJuda 3 – 5
Wadalulwa uHamani wagwetshwa intambo 6 – 7
Ukuhlengwa kwabakwaJuda. Umkhosi wephurimi 8 – 10
[Bheka lapha >> Umlando ngokuqukethwe eNcwadini “uEsta“]