BHALA NJENGOBA UKHULUMA (“Bha-nje-khu”)
1. MAQONDANA NESABIZWANA SOKUKHOMBA
Isabizwana sokukhomba sizimele. Asibhalwa sibe yigama elilodwa nebizo. Isiboniso: “Ngafa yiziga zalo mHebheru”; “le mikhovu” “kule minyaka.”
2. MAQONDANA NEKHONGCO NAMAYELANA NO “KE” NO “NJE”
Uma usebenzisa iselulo u “ke” no “nje” kumele kusebenze ikhongco (-). Isiboniso: “usethi-ke uMvelingqangi”, “nawe-nje”.
3. MAQONDANA NEZIMPAWU ZOKWEHLA NOKUKHUPHUKA KWEZWI
Ukubeka uphawu emagameni ukukhombisa ukwehla nokukhuphuka kwephimbo akudingeki.
4. MAQONDANA NOPHAWU LOKUCAPHUNA
Uphawu lokucaphuna luvame ukuba phezulu ekuqaleni nasekupheleni kokucashuniwe. Kungenzeka lube phansi ekuqaleni uma kusetshenziswa umshini wokubhala ohlelwé kanjalo. Isiboniso: „Zimnandi ngokuphindwa.“
5. MAQONDANA NOKULANDELANA KONKAMISA
Uma onkamisa belandelana akudingeki behlukaniswe ngekhongco. Isiboniso: UAdam, uEva, uIzaya, amaArabhu, kwaIzrayeli.
6. MAQONDANA NENHLANGANISELA YEMISINDO
Iyafinyezwa indlela yokubhalwa kohlamvu lokwethekelwa, ilandele indlela oluphunyiselwa ngayo enkulumweni. Isiboniso: “ithestamente”, “ibhaybheli”, “umsayphresi”, “eMesophothamya”.
7. MAQONDANA NOKUSETSHENZISWA KOSONHLAMVUKAZI
OSonhlamvukazi [AEIOU…ABCD…] basetshenziswa
– ekuqaleni komusho – [isiboniso: Lihle leli zwe!];
– ekuqaleni kwebizo-muntu – [isiboniso: uNompilo; uNjabulo];
– ekuqaleni kwebizo-ndawo – [isiboniso: eGoli, eJalimane, eZimbabwe];
– ekuqaleni kwebizo-ngqondo – [isiboniso: ubuNtu; uMkhonto weSizwe].
8. MAQONDANA NOKUQHEZULWA KWAMAGAMA
Uhlamvu ngalunye egameni luphetha ngonkamisa [aeiou].
Ekuqhezulweni kwegama kuphethwa ngonkamisa –
[isiboniso: i-nto-mba-za-na; i-gu-la; i-nta-ba; i-ntshu-ma-ye-lo; e-Mpu-ma- la-nga]