uNahumi

28.11.2014

Kusukela engxenyeni yesithathu yokugcina yenkathi yeminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili kuya ekugcineni kwenkathi yeminyaka engamakhulu ayisikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [800-700 ph.Khr.] umbuso wakwelaseAsirya nekomkhulu lawo, iNinive, wawunamandla, waziswa kakhulu kulo lonke eliseMpumalanga-maphakathi.  AbakwaJuda kanye nezinye izizwana kwelasePhalestina nakwelaseSirya babehlalele ovalweni; ababusi babo babekhonzé komkhulu eAsirya, bekhokha intela.

Kwathi ngaphambi-nje konyaka wamakhulu ayisikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [700 ph.Khr.] lapho uHizikhiya, umbusi kwelakwaJuda, esenqwaha, enqaba ukuqhubeka athobele ukubuswa yiAsirya, lahlaselwa elakwaJuda, lashiywa liwugwadule, kwaba yisimanga ukusinda kweJerusalema ekutheni libhidlizwe (2 AmaKhosi 19,35).

Khona lapho nje-ke elaseAsirya lidlongobala, lizinweba, kwaqhamuka umphrofethi uNahumi, eshumayela ebikezela ngemifanekiso ukuwa kombusi uAsuri owayesatshwa yizizwana zonkana.  Entshumayelweni yakhe ukhumbuza ngokophulwa kweJerusalema, lihlengwa nguHizikhiya (uNahumi 1,11); nokunqotshwa kwelomkhulu lasenhla kwelaseGibhithe, umuzi waseThebeni, ngonyaka wamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa phambi kwale nkathi esiphila kuyo [667 ph.Khr.], linqotshwa yiAsirya, usekhumbuza ngakho umphrofethi – kade kwedlula (uNahumi 3,8).

Mhlawumbe uNahumi wayephila eshumayela ngezikhathi zenkosi uManase wakwelakwaJuda (696-642 ph.Khr.), owayekuthobele ngokwedlulele ukubuswa yiAsirya ngisho nakwezenkolo (bheka: 2 amaKhosi 21,3) ebaphoqelela ngezikhwepha, babulawe, abakholwayo abamelana naleso sandla esasibacindezela (2 amaKhosi 21,16; uJeremiya 2,30).  Umphrofethi uNahumi wabamisa isibindi ngentshumayelo yakhe.

Lesi simo sichazeka kahle kakhulu esahlukweni sokuqala samaHubo (amaHubo 1,2-8) kanye nasemazwini evesini lokuqala lale ncwadi (uNahumi 1,1) lapho kukhulunywa khona „ngomBhalo“ womphrofethi – okungesiyo indlela okukhulunywa ngayo kwezinye izincwadi zabaphrofethi.  Ngalokho kungasolakala sengathi uNahumi wayengalokothi aphumele eshashalazini, intshumayelo yakhe wayeyithubelezisa ngezincwajana ezazifundwa ngasese.

Ngoyaka wamakhulu ayisithupha neshumi nambili phambi kwale nkathi esiphila kuyo [612 ph.Khr.] abaseBhabhiloni namaMeda bawenza isilo sengubo owaseNinive – njengoba ayekade exwayisile umphrofethi, nòma-ke kwakungengayo yonke imininingwane eyagcina yehlile.

Quelle/Umtapo: Biblia Hebraica Stuttgartensia 2. Auflage; Die Lexikon-Bibel. ISBN 3-438-01653-2  Seite 967; https://www.biblia-zuluensis.de/ezisematheni/284-uhezekhiya/

© Ben Khumalo-Seegelken, http://www.benkhumalo-seegelken.de/

Imibono nemibuzo: 0 »