uDavida noGoliyade
15.10.2014
Ibambene impi kwaIzrayeli. AmaFilisti emi ngasegqumeni elinganeno kwethafa; uIzrayeli umi ngaphesheya. Sekusuka omunye wamaFilisti esephumela eshashalazini. NguGoliyade igama lakhe, isidlakela esihlomé sahlomisisa. Siqhuba okuyindojeyana okusithwalele isihlangu saso.
“Mihlolo mini lena enisihlolela yona senihlomelé ukuzohlasela thina Mafilisti? Ningobani-nje nina, imithothongo kaSawula le! Nizozibonela-ke ngawenu: Khethani abe munye nimqhube azobhekana nami! Wangehlula-nje, siyoba yizigqili zenu. Kwanqoba thina, nibadala yithi! …”
>> isaqhubeka